Ngokuba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami; Unginike ifa labo abesaba igama lakho.
UMalaki 2:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula; ngamnika ngenxa yokwesaba ayengesaba ngakho, esaba igama lami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami. IsiZulu 2020 “Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika lokho ukuba angihloniphe, wangihlonipha, futhi walesaba iGama lami. |
Ngokuba wena, Nkulunkulu, uzizwile izifungo zami; Unginike ifa labo abesaba igama lakho.
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, ngenze ukuba izilo ezimbi ziphele ezweni, zihlale ehlane ngokulondeka, zilale ehlathini;
Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo; kuyakuba yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubabeka, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.
UFinehasi indodana ka-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi ekubona lokho, wasuka ebandleni, waphatha umkhonto ngesandla sakhe;
Wamlandela umuntu wakwa-Israyeli wangena etendeni, wababhoboza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Kanjalo isifo sabantwana bakwa-Israyeli sanqandwa.
Thatha amaLevi esikhundleni samazibulo onke phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, nezinkomo zamaLevi esikhundleni sezinkomo zabo; amaLevi ayakuba ngawami. Mina nginguJehova.
Ngasemuva amaLevi ayakungena ukwenza inkonzo yetende lokuhlangana; kumelwe uzihlanze futhi uzinikele njengomhlatshelo.