Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo.
UJoweli 3:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba ngiyakulihlanza igazi labo engingalihlanzanga, ngokuba uJehova uhlala eSiyoni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyakuphindisela igazi labo engingakaliphindiseli,” ngokuba uJehova wakhile eSiyoni. IsiZulu 2020 Angiyukubajezisela icala labo legazi engingabajeziselanga lona.” USimakade uhlala eZiyoni. |
Lapho uJehova ehlanza ukungcola kwamadodakazi aseSiyoni futhi ehlanza igazi laseJerusalema kulo ngomoya wokwahlulela nangomoya womlilo.
Khona ngiyakufafaza amanzi ahlanzekileyo phezu kwenu, nihlambuluke; ngiyakunihlambulula kukho konke ukungcola kwenu nakubo bonke onkulunkulu benu abangcolileyo.
Ngiyakunisindisa kukho konke ukungcola kwenu, ngibize amabele, ngiwandise, kungabikho indlala phezu kwenu.
Kungaba yizilinganiso eziyizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili, igama lomuzi kusukela ngalolo suku lithi: UJehova ukhona.
Niyokwazi ukuthi ngiphakathi kuka-Israyeli nokuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu, akasiye omunye; futhi abantu bami abayikujabha kuze kube phakade.
Niyakwazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu ohlezi eSiyoni, intaba yami engcwele; khona iJerusalema liyakuba ngcwele, abafokazi abasayikulidabula futhi.
Base bephendula abantu bonke, bathi: Igazi lakhe malibe phezu kwethu naphezu kwabantwana bethu.
Ngase ngizwa izwi elikhulu livela ezulwini, lithi: Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu, uyakuhlala nabo, babe ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe nabo, abe nguNkulunkulu wabo.