Nakuba ilanga noma ukukhanya noma inyanga noma izinkanyezi akufiphazwa, namafu awabuyi ngemva kwemvula.
UJoweli 3:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ilanga nenyanga kuyoba mnyama, nezinkanyezi ziyosusa ukukhanya kwazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ilanga nenyanga kuba mnyama, izinkanyezi zisusa ukukhanya kwazo. IsiZulu 2020 Ilanga nenyanga kuyakuba mnyama bhuqe, izinkanyezi zikugodle ukukhanya kwazo. |
Nakuba ilanga noma ukukhanya noma inyanga noma izinkanyezi akufiphazwa, namafu awabuyi ngemva kwemvula.
Ngokuba izinkanyezi zezulu nemilaza yawo akuyikukhanyisa; ilanga liyakuba mnyama ekuphumeni kwalo, nenyanga ayiyikukwenza ukukhanya kwayo kukhanye.
Lapho nginikhipha, ngiyosibekela izulu, ngenze mnyama izinkanyezi zalo; ngiyakusibekela ilanga ngamafu, nenyanga ayiyikukhanya.
Umhlaba uyazamazama phambi kwabo; izulu liyakuthuthumela, ilanga nenyanga kube mnyama, nezinkanyezi zisuse ukukhanya kwazo.
Ilanga liyakuphenduka ubumnyama nenyanga ibe yigazi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo.
Njalo masinyane emva kosizi lwalezonsuku ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya, lezinkanyezi zizakuwa ezulwini, lamandla amazulu azazanyazanyiswa.
Kodwa ngalezonsuku, emva kwalokho kuhlupheka, ilanga lizafiphazwa, lenyanga kayiyikukhanya.
Ingelosi yesine yayisibetha, kwase kushaywa ingxenye yesithathu yelanga, nengxenye yesithathu yenyanga, nengxenye yesithathu yezinkanyezi; njengokuba ingxenye yesithathu yazo yaba mnyama, nengxenye yesithathu yemini ayikhanyi, nobusuku ngokunjalo.