Wonke uJuda wema phambi kukaJehova, nabancane babo, nawomkabo, nabantwana babo.
UJoweli 2:16 - Contemporary Zulu Bible 2024 Buthani abantu, ningcwelise ibandla, amalunga aqoqe, abuthe abantwana nabamunya amabele; akaphume umyeni ekamelweni lakhe, nomakoti aphume engutsheni yakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE buthani abantu, ningcwelise ibandla, niqoqe abadala, nibuthe izingane nabancelayo; umyeni makaphume ekamelweni lakhe, nomakoti emgonqweni wakhe. IsiZulu 2020 Qoqani abantu, ningcwelise umhlangano, niqoqe amalunga, izingane nezinsana ezisancela. Umyeni makaphume ekamelweni lakhe nomlobokazi emgonqweni wakhe. |
Wonke uJuda wema phambi kukaJehova, nabancane babo, nawomkabo, nabantwana babo.
Wathi kubo: “Ngizweni, maLevi, zingcweliseni, niyingcwelise indlu kaJehova uNkulunkulu wawoyihlo, nikhiphe ukungcola kwendlu engcwele.”
Ngokuba kwakukhona abaningi ebandleni ababengangcweliswanga; ngakho amaLevi ayephezu kwawo ukuhlabela wonke ongahlambulukile iphasika ukuze angcwelisele uJehova.
Olungisa inhliziyo yakhe ukuba ifune uNkulunkulu, uJehova, uNkulunkulu wawoyise, nakuba engahlanjululwanga njengokuhlanjululwa kwendlu engcwele.
Bese nihlaba iphasika, nizingcwelise, nilungise abafowenu ukuba benze njengezwi likaJehova ngomsebenzi kaMose.
Kwathi seziphelile izinsuku zedili lawo, uJobe wathumela wawangcwelisa, wavuka ekuseni, wanikela ngeminikelo yokushiswa njengomumo wawo wonke; ngokuba uJobe wathi: “Kungenzeka ukuthi amadodana ami onile, amthukile uNkulunkulu ezinhliziyweni zawo; Ngakho uJobe waqhubeka enza kanjalo.
onjengomyeni ephuma ekamelweni lakhe futhi ejabula njengendoda enamandla ukugijima umncintiswano.
I Nkosi yasisithi kuMozisi: Yana ebantwini, ubangcwelise lamuhla lakusasa, bahlanze izembatho zabo.
Ngcwelisani usuku lokuzila ukudla, nibize umbuthano onesizotha, nibuthe amalunga nabo bonke abakhileyo ezweni endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova,
Bathi kuye: “Uyakuzwa lokhu abakushoyo laba na? UJesu wathi kubo: Yebo; anikaze nifunde ukuthi: Emlonyeni wezingane nabasancela uphelelisile ukudumisa na?
UJesu wathi kubo: “Abendlu yomyeni bangalila yini, umyeni enabo na? kodwa ziyakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo, khona-ke bezakuzila.
Lingagodlelani, ngaphandle kokuthi kube kukuvumelana okwesikhathi, ukuze lizinikele ekuzileni ukudla lekukhulekweni; nibuye nihlangane, ukuze uSathane anganilingi ngokungazithibi kwenu.
Vuka, ungcwelise abantu, uthi: ‘Zingcweliseleni ikusasa, ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kukhona okuqalekisiweyo phakathi kwakho, Israyeli; awukwazi ukuma phambi kwezitha zakho uze ususe. Oqalekisiweyo phakathi kwenu.
Akubangakho nelilodwa izwi kukho konke uMose ayala ngakho, uJoshuwa angalifundanga phambi kwenhlangano yonke yakwa-Israyeli, nabesifazane, nabantwana, nabafokazi ababebazi phakathi kwabo.
Wathi: “Ngokuthula, ngize ukuhlabela uJehova; zingcweliseni nize nami emhlatshelweni. Wangcwelisa uJese namadodana akhe, wababizela emhlatshelweni.