UJoweli 1:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba isizwe sami sikhuphukele ukulwa nezwe lami, esinamandla nesingenakubalwa, esimazinyo aso angamazinyo engonyama, esinamazinyo ezihlathini zengonyama enkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba kwenyukele ezweni lami isizwe esinamandla nesingenakubalwa; amazinyo aso angamazinyo engonyama, namazinyo aso emihlathi angawengonyamakazi. IsiZulu 2020 Ngokuba isizwe esinamandla nesingenakubalwa sikhuphukele ezweni lami, amazinyo aso ngamazinyo ebhubesi, namazinyo aso emihlathi angawebhubesi lensikazi. |
Kukhona isizukulwane esimazinyo aso anjengenkemba namazinyo omhlathi anjengomese ukuba sidle abampofu emhlabeni nabampofu phakathi kwabantu.
Ameva namakhakhasi kuyovela ezweni labantu bami; yebo, phezu kwazo zonke izindlu zenjabulo emzini ojabulayo;
Iyakudabula kwaJuda; uyakuchichima, adlule, afinyelele entanyeni; futhi ukwelula kwamaphiko akhe kuyogcwalisa ububanzi bezwe lakho, O Imanuweli!
Abayikuhlala ezweni likaJehova; kepha u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe, badle okungcolileyo e-Asiriya.
Ngiyakunibuyisela iminyaka eyadliwa yisikhonyane, nezimpethu, nezinkumbi, nempethu, impi yami enkulu engayithuma phakathi kwenu.