Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;
UJoshuwa 9:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 nezicathulo ezigugile ezinyaweni zabo, nezingubo ezigugile; isinkwa sonke sokudla kwabo sasomile sikhuntile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE nezicathulo ezigugileyo eziciciyelweyo zisezinyaweni zabo, bembethe nezingubo ezigugileyo; isinkwa sonke somphako wabo sasomile, sikhuntile. IsiZulu 2020 Zafaka izimbadada ezindala ezinyaweni zazo, zagqoka izingubo ezigugile, zathatha umphako wezinkwa ezomile, eziyimvuthu. |
Kodwa uyise wathi ezincekwini zakhe: Khuphani nikhiphe ingubo enhle kunazo zonke, niyembathise; wafaka indandatho esandleni sakhe, nezicathulo ezinyaweni zakhe;
Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu azigugelanga phezu kwenu, nesicathulo sakho asiguganga ezinyaweni zakho.
Izicathulo zakho kumelwe zibe yinsimbi nethusi; futhi njengezinsuku zakho, ayakuba njalo amandla akho.
Lesi sinkwa sethu sasithatha sifudumala ezindlini zethu njengokudla ngosuku esaphuma ngalo ukuya kini; kepha manje bhekani, sesomile, siyabubula;
Futhi lezi zikhwama zewayini esazigcwalisa zazizintsha; futhi bheka, zaziklebhukile, futhi lezi zingubo zethu nezicathulo zethu zaguga ngenxa yohambo olude kakhulu.
Benza ngobuqili, bahamba, bazenza izithunywa, bathatha amasaka amadala ezimbongolweni zabo, nezingqalathi zewayini, ezindala, eziklebhukile, neziboshiwe;
Baya kuJoshuwa ekamu laseGiligali, bathi kuye nakubantu bakwa-Israyeli: “Sivela ezweni elikude; bese wenza isivumelwano nathi manje.