Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayiphambi kwakhe ngaphambili nangasemuva, wakhetha kubo bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, wabahlela ngokumelene nama-Aramu.
UJoshuwa 8:21 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho uJoshuwa no-Israyeli wonke bebona ukuthi abaqamekeli bawuthathile umuzi nokuthi umusi wawukhuphuka emzini, baphenduka bawabulala amadoda ase-Ayi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba nxa uJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli bebona ukuthi abaqamekeleyo bawuthathile umuzi nokuthi umusi womuzi wenyuka, base bebuyela emuva, bawabulala amadoda ase-Ayi. IsiZulu 2020 Kuthe lapho uJoshuwa nawo wonke u-Israyeli bebona ukuthi umuzi udliwe ngababewuhlasela, nokuthi isikhatha sentuthu yomuzi sasenyukela phezulu, baphenduka babulala amabutho ase-Ayi. |
Lapho uJowabe ebona ukuthi impi yayiphambi kwakhe ngaphambili nangasemuva, wakhetha kubo bonke abakhethiweyo bakwa-Israyeli, wabahlela ngokumelene nama-Aramu.
Kwathi u-Adoni-Sedeki inkosi yaseJerusalema esezwile ukuthi uJoshuwa uthumbe i-Ayi, wayishaya ngesiqalekiso; njengalokho enze eJeriko nasenkosini yalo, wenze njalo kulo i-Ayi nenkosi yalo; nokuthi abakhileyo eGibeyoni benza kanjani ukuthula no-Israyeli, baba phakathi kwabo;
Amadoda ase-Ayi aqalaza, abona, bheka, umusi womuzi wenyukela ezulwini, awabanga namandla okubaleka ngapha nangapha; abantu ababebalekele ehlane babaphendukela ababebaxosha.
Laba abanye baphuma emzini ukumelana labo; ayephakathi kukaIsrayeli, abanye ngalapha, abanye ngale; babanqoba, kangangokuthi abashiyanga noyedwa kubo owaphunyuka.