O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.
UJoshuwa 24:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, wasukuma walwa no-Israyeli, wathumela wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwase kuvuka uBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi, walwa no-Israyeli; wathuma wabiza uBileyamu indodana kaBeyori ukuba aniqalekise, IsiZulu 2020 Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise, |
O bantu bami, khumbulani lokho uBalaki inkosi yakwaMowabi akucebisa ngakho, nalokho uBileyamu indodana kaBeyori amphendula ngakho kusukela eShithimi kuze kube eGiligali; ukuze nazi ukulunga kukaJehova.
U-Israyeli wayesethuma izithunywa enkosini yakwa-Edomi ukuthi: ‘Mangidabule izwe lakho, kepha inkosi yakwa-Edomi ayilalelanga. Kanjalo bathumela enkosini yakwaMowabi, kepha ayivumanga; u-Israyeli wahlala eKadeshi.
Manje wena ungcono yini kunoBalaki indodana kaSipori, inkosi yakwaMowabi? Wake walwa no-Israyeli, noma wake walwa nabo na?