Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula ulwandle emhlabathini owomileyo; futhi wabaphonsa ekujuleni njengetshe emanzini anamandla.
UJoshuwa 24:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngakhipha oyihlo eGibithe, nafika olwandle; abaseGibithe baxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi kwaze kwaba seLwandle LwaseShelefu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngakhipha oyihlo eGibithe; nafika elwandle; abaseGibithe babaxosha oyihlo ngezinqola nangabamahhashi, baze bafika eLwandle Olubomvu. IsiZulu 2020 Lapho ngibakhipha okhokho benu eGibhithe, nafika olwandle; abaseGibhithe babaxosha okhokho benu ngezinqola nangamahhashi, baze bafika oLwandle Lomhlanga. |
Wahlukanisa ulwandle phambi kwabo, badabula ulwandle emhlabathini owomileyo; futhi wabaphonsa ekujuleni njengetshe emanzini anamandla.
Abantwana bakwa-Israyeli basuka eRamsesi baya eSukoti, kungathi izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha ezihamba ngezinyawo, amadoda ngaphandle kwabantwana.
Kwathi ngalona lolo suku uJehova ekhipha abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseGibithe ngamabandla abo.
Ngokuba nganikhuphula ezweni laseGibithe, nganihlenga endlini yobugqila; ngathuma oMose, no-Aroni, noMiriyamu phambi kwenu.
Yena wabakhipha, ngemva kokuba enze izimanga nezibonakaliso ezweni laseGibhithe, naseLwandle Olubomvu, nasehlane iminyaka engamashumi amane.