Umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe kwakungu-Asafa indodana kaBerakiya indodana kaShimeya,
UJoshuwa 21:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkatho yaphuma ezizukulwaneni zamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi, ababengamaLevi, ngeqashiso imizi eyishumi nantathu esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu. IsiZulu 2020 Unkatho lwadla imindeni yamaKhohathi. Ngakho-ke abaLevi abengabozalo luka-Aroni, umphristi, bathola ngonkatho imizi eli-13 esizwaneni sakwaJuda, esakwaSimeyoni, nesakwaBhenjamini. |
Umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe kwakungu-Asafa indodana kaBerakiya indodana kaShimeya,
Lawa angamagama amadodana kaLevi ngemindeni yawo; uGereshoni noKohati noMerari; iminyaka yokuphila kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
U-Amramu wathatha uJokebedi, udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.
KwaKohati kwavela umndeni wakwa-Amramu nomndeni wama-Ishari nomndeni wakwaHebroni nomndeni wakwa-Uzili; lezi ziyizizukulwane zamaKohati.
Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi efeni lawo njengesiyalezo sikaJehova le mizi namadlelo ayo.
Abanye abantwana bakwaKohati baba nemizi eyishumi emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi nasesizweni sakwaDani nasenxenyeni yesizwe sakwaManase.
U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela entabeni yendodana yakhe uFinehasi, anikwa yona ezintabeni zakwa-Efrayimi.