Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia

- Anuncios ukanaka -




UJoshuwa 21:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IsiZulu 2020

4 Unkatho lwadla imindeni yamaKhohathi. Ngakho-ke abaLevi abengabozalo luka-Aroni, umphristi, bathola ngonkatho imizi eli-13 esizwaneni sakwaJuda, esakwaSimeyoni, nesakwaBhenjamini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Inkatho yaphuma ezizukulwaneni zamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi, ababengamaLevi, ngeqashiso imizi eyishumi nantathu esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UJoshuwa 21:4
9 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

futhi umfowabo u-Asafa owayemi ngakwesokunene sakhe, u-Asafa kaBerekiya kaShimeya


Lawa angamagama amadodana kaLevi ngezizukulwane zawo: ngoGereshoni, noKohati, noMerari; iminyaka yokuhamba kukaLevi yayiyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


U-Amramu wazithathela uJokebedi udadewabo kayise, abe ngumkakhe; wamzalela o-Aroni noMose; iminyaka yokuhamba kuka-Amramu yayiyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa.


KwaKohati kwavela umndeni wama-Amramu, nomndeni wamaJisihari, nomndeni wamaHebroni, nomndeni wama-Uziyeli; yileyo eyimindeni yamaKohati.


Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.


Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.


U-Eleyazare indodana ka-Aroni wafa; bammbela egqumeni likaFinehasi indodana yakhe, abenikiwe lona ezintabeni zakwa-Efrayimi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka