UJoshuwa 16:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Inkatho yabantwana bakwaJosefa yawela eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga ehlane elenyuka lisuka eJeriko ngasentabeni yaseBethele; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Isabelo sabantwana bakwaJosefa sasuka eJordani ngaseJeriko emanzini aseJeriko ngasempumalanga, ihlane elenyuka eJeriko ezintabeni ukuya eBethele; IsiZulu 2020 Isabelo sabozalo lukaJosefa sasisuka eJordani ngaseJerikho empumalanga yamanzi eJerikho, kuya ehlane, sikhuphuke kusuka eJerikho kuye kwelezintaba kuze kufike eBhethele, |
Eceleni komkhawulo kaManase, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga, u-Efrayimi abe nesabelo.
Umkhawulo wabo ngasohlangothini lwasenyakatho wawusuka eJordani; umkhawulo wenyuka ohlangothini lweJeriko ngasenyakatho, wenyuka ezintabeni ngasentshonalanga; ukuphuma kwawo kwakusehlane laseBeti Aveni.
Kumelwe balihlukanise libe izingxenye eziyisikhombisa: UJuda uyosala endaweni yabo eningizimu, futhi indlu kaJosefa iyohlala endaweni yayo enyakatho.
UJoshuwa nabo bonke abakwa-Israyeli benza sengathi bahluliwe phambi kwabo, babaleka ngendlela eya ehlane.
nakulabo ababeseBethele, nakulabo ababeseningizimu yeRamoti, nakulabo ababeseJatiri,