UJoshuwa 11:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabe inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimroni, nasenkosini ka-Asafa, IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi lapho uJabini inkosi yaseHasori ekuzwa lokho, wathumela kuJobabi inkosi yaseMadoni, nakuyo inkosi yaseShimroni, nakuyo inkosi yase-Akishafu, IsiZulu 2020 Ngesikhathi uJabhini, inkosi yaseHazori, ezwa ngalokhu, wathumela kuJobabhi inkosi yaseMadoni, nasenkosini yaseShimironi, nasenkosini yase-Akhishafu, |
indodana ka-Abinadaba, esifundeni sonke saseDori; owayenoThafati indodakazi kaSolomoni engumkakhe;
Lesi yisizathu sesibopho inkosi uSolomoni eyasisusayo; ukwakha indlu kaJehova nendlu yakhe neMilo nogange lwaseJerusalema neHazori neMegido neGezeri.
Ezinsukwini zikaPheka inkosi yakwa-Israyeli, uThigilati-Phileseri inkosi yase-Asiriya wafika wathatha i-Ijoni ne-Abela Beti-maga neJanowa neKedeshi neHazori neGileyadi neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, futhi bathatha i-Ijoni. Wayiswa ekudingisweni e-Asiriya.
Nkosi, uma isandla sakho siphakeme, abayikukubona; yebo, umlilo wezitha zakho uyakuziqeda.
Uma udabula emanzini, mina nginawe; nasemifuleni, ayiyikukukhukhula; uma udabula emlilweni, awuyikusha; nelangabi aliyikukuvutha.
UJoshuwa waphenduka ngaleso sikhathi, wathatha iHazori, wayishaya inkosi yalo ngenkemba, ngoba iHazori laliyinhloko yayo yonke leyo mibuso.
USisera wabaleka ngezinyawo waya etendeni likaJayeli umkaHebhere umKheni, ngokuba kwakukhona ukuthula phakathi kukaJabini inkosi yaseHazori nendlu kaHebhere umKheni.
UJehova wabathengisa esandleni sikaJabini inkosi yaseKhanani, owayebusa eHasori; induna yakhe kwakunguSisera, owayehlala eHaroshethi labezizwe.
Amakhosi afika alwa, kwathi ngasemuva alwa amakhosi aseKhanani eThahanaki ngasemanzini aseMegido; abawinanga mali.