Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari.
UJona 1:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Basebesithi, ngulowo kumngane wakhe: Wozani senze inkatho, ukuze sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu. Benza inkatho, inkatho yawela uJona. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Bathi, kwaba yilowo nalowo kumngane wakhe: “Wozani senze inkatho, sazi ukuthi kungenxa kabani lobu bubi buphezu kwethu.” Base benza inkatho; inkatho yamudla uJona. IsiZulu 2020 Amatilosi ahlanganisa amakhanda, athi: “Wozani senze unkatho, sibone ukuthi ngubani oyimbangela yalobu bubi obusehlelayo na? Alwenza-ke unkatho, lwadla uJona.” |
Ngenyanga yokuqala eyinyanga kaNisani, ngomnyaka weshumi nambili wenkosi u-Ahashiveroshi, benza iPhure eliyinkatho phambi kukaHamani usuku nosuku nenyanga nenyanga, kwaze kwaba yinyanga yeshumi nambili, okungukuthi; inyanga ka-Adari.
Kepha uma ningakwenzi lokhu, bhekani, nonile kuJehova; futhi uqiniseke ukuthi isono sakho siyakuthola.
Ambethela, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho, ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi: “Babelana izingubo zami, benza inkatho yokuphosa ngesambatho sami.
Esechithile izizwe eziyisikhombisa elizweni leKhanani, wababela ilizwe labo ngenkatho.
Ngakho-ke ningahluleli lutho singakafiki isikhathi, ize ifike iNkosi eyakukuveza ekukhanyeni okufihliweyo kobumnyama, iveze obala amacebo ezinhliziyo, khona-ke yilowo nalowo uyakuba nodumo kuNkulunkulu.