Uma bona kuwe (ngokuba akukho muntu ongoni) bese ubathukuthelela, ubanikele esandleni sesitha, ukuze babathumbe babayise ezweni lesitha, elikude noma eliseduze;
UJobe 9:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyazi ukuthi lokhu kuyiqiniso; kodwa umuntu angalunga kanjani phambi kukaNkulunkulu na? IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Ngeqiniso ngiyazi ukuthi kunjalo, kepha umuntu angaba elungile phambi kukaNkulunkulu na? IsiZulu 2020 “Impela ngiyazi ukuthi kunjalo, kodwa umuntu angaba kanjani ngolungileyo phambi kukaNkulunkulu na? |
Uma bona kuwe (ngokuba akukho muntu ongoni) bese ubathukuthelela, ubanikele esandleni sesitha, ukuze babathumbe babayise ezweni lesitha, elikude noma eliseduze;
Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, ulungile, ngokuba sisaphunyukile njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho eziphambekweni zethu, ngokuba ngalokho asinakuma phambi kwakho.
Pho umuntu angalungisiswa kanjani nguNkulunkulu? Ozelwe ngowesifazane angaba msulwa kanjani na?
Bheka enyangeni, futhi ayikhanyi; yebo, izinkanyezi azihlanzekile emehlweni akhe.
Lwavutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarageli, umBushi, owesizwe sikaRamu; ulaka lwakhe lwamvuthela uJobe, ngokuba wayezilungisile kunoNkulunkulu.
Ingabe umuntu ofayo uyolunga ngaphezu kukaNkulunkulu? Umuntu angaba msulwa kunoMenzi wakhe na?
Ungangeni ekwahluleleni nenceku yakho, ngokuba phambi kwakho akukho muntu ophilayo oyakulungisiswa.
Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono.