Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 8:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Bheka, lokhu kuyinjabulo yendlela yakhe, kuhlume abanye emhlabeni.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Bheka, injalo indlela yokuthokoza kwakhe; kuyakuvela abanye othulini.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Bheka, lokho kuyindlela yakhe yokuthokoza. Kusazovela omunye othulini.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 8:19
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ukuthi ukunqoba kwababi kufitshane, intokozo yabazenzisi ngokomzuzwana nje?


Bheka, uNkulunkulu akalahli opheleleyo, futhi akabasizi abenza okubi;


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise ompofu ethuneni;


Kodwa uNkulunkulu unguMahluleli: uyamehlisa omunye aphakamise omunye.


Yonke imithi yasendle iyakwazi ukuthi mina, Jehova, ngehlise umuthi omude, ngaphakamisa umuthi omncane, ngomisa umuthi oluhlaza, ngenza umuthi owomileyo uqhakaze; mina Jehova ngikhulumile, ngikwenzile.


Ningacabangi ukusho phakathi kwenu ukuthi: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu angamvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.


Uyavusa ompofu othulini, aphakamise isinxibi endundumeni yomquba, ukuze asibeke phakathi kwezikhulu, abenze badle ifa lesihlalo sobukhosi senkazimulo; ngokuba izinsika zomhlaba zingezikaJehova, izwe liphezu kwazo.