Ngithe: Ngiletheni? noma: Nginike umvuzo wempahla yakho?
Ngasho yini ukuthi: ‘Ngipheni, ninginike isipho empahleni yenu,’ na?
Ngasho yini kini, ngathi: ‘Ngipheni isipho empahleni yenu’ na?
Khona-ke bonke abafowabo nabo bonke odadewabo nabo bonke abazana naye beza kuye badla isinkwa naye endlini yakhe; bamlilela, bamduduza ngakho konke okubi uJehova amehlisele khona; bamnika, kwaba yilowo nalowo uhlamvu lwemali, kwaba yilowo nalowo icici legolide.
Ngokuba manje anilutho; ubona ukukhothama kwami, wesaba.
Noma: Ngikhulule esandleni sesitha na? noma: Ngikhulule esandleni sonamandla?
Angifisanga isiliva, nagolide, nengubo yomuntu;
Bhekani, ngilapha; fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe izinkomo zikabani na? noma ngithathe imbongolo kabani? kumbe ngikhohlise bani? ngicindezele bani? Ngemukele esandleni sikabani isifumbathiso ukuba ngiphuphuthekise amehlo ami ngaso na? futhi ngizokubuyisela kuwe.