UJobe 6:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Abafowethu benze ngenkohliso njengomfula, futhi njengomfula wezifufula bayadlula; IBHAYIBHELI ELINGCWELE Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo, IsiZulu 2020 Abafowethu bambuluzile njengomfudlana, nanjengemithonjana eshayo, |
Izithandwa zami nabangane bami bami kude nokulimala kwami; abafowethu bamela khatshana.
Yebo, nomngane wami engangimethemba, owayedla isinkwa sami, wangiphakamisela isithende sakhe.
Ukuthembela emuntwini ongathembekanga ngesikhathi sokuhlupheka kunjengezinyo eliphukileyo lonyawo olugogekileyo.
Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo bakhohlisile; yebo, babiza isixuku emva kwakho; ningabakholwa, noma bekhuluma amazwi amahle kini.
Kungani ubuhlungu bami buhlala njalo, nenxeba lami lingelapheki, lenqaba ukuphulukiswa, na? uzakuba njengomqambimanga ngokupheleleyo nanjengamanzi axakileyo kimi?
Zonke izithandwa zakho sezikukhohliwe; abafuni Wena; ngokuba ngikushayé ngomvimbo wesitha, ngokujezisa kononya, ngenxa yobuningi bobubi bakho; ngoba izono zenu zandile.
Futhi bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayolethwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhiloni, futhi labo besifazane bayothi: ‘Abangane bakho bakuhlasele futhi bakunqobile; izinyawo zakho zashona odakeni, zabuyela emuva.
Kangikhulumi ngani lonke; ngiyabazi engibakhethileyo, kodwa ukuze kugcwaliseke umbhalo othi: Odla isinkwa lami ungiphakamisele isithende sakhe.
Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile, sokuba nihlakazeke, kube yilowo nalowo aye kowabo, ningishiye ngedwa; nokho angingedwa, ngokuba uBaba unami.
Laba bangamabala emikhosini yenu yothando, lapho bedla nani, bezidlisa ngaphandle kokwesaba; bangamafu angenamanzi, apheshulwa ngumoya; izihlahla ezibunayo, ezingatheli, ezifile kabili, ezisitshulwe;