UJobe 41:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 Akakho onesihluku esingaba nesibindi sokumvusa; pho, ngubani ongema phambi kwami? IBHAYIBHELI ELINGCWELE Akakho onesibindi sokumvusa. Ngubani, pho, ongema phambi kwami na? IsiZulu 2020 Akekho onesibindi sokuba angayivusa. Pho ngubani ongema phambi kwayo na? |
Izinkanyezi zokuhwalala mazibe mnyama; malifune ukukhanya, kepha lingabi nakho; futhi mayingaboni ukusa kosuku.
Uhlakaniphile ngenhliziyo, unamandla emandleni; ngubani owazenza lukhuni kuye, waba nempumelelo?
Uma ugijimile nabahamba ngezinyawo, bakukhathala, ungaqhudelana kanjani namahhashi na? uma benidinisile ezweni lokuthula enathembela kulo, niyakukwenza kanjani emagqumeni aseJordani na?
Bheka, uyakwenyuka njengengonyama emfuleni iJordani, akhuphukele endaweni eyinqaba; kepha ngiyakumbalekela ngokuzuma; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na?
Bheka, uyakwenyuka njengengonyama ephuma emagagasini aseJordani, aye endaweni yokuhlala yeziQhinga; kodwa ngizakwenza masinyane bambaleke kuye; ngubani okhethiweyo, engingambeka phezu kwakhe na? ngoba ngubani onjengami? ngubani ongangibekela isikhathi na? ngubani umalusi ongema phambi kwami na?
Walala, walala phansi njengengonyama nanjengengonyamakazi; ngubani ozamvusa? Ubusisiwe okubusisayo, uqalekisiwe okuqalekisayo.