Bheka, ngiyakuthuma umoya phezu kwakhe, ezwe umbiko, abuyele ezweni lakubo; futhi ngiyomenza awe ngenkemba ezweni lakhe.
UJobe 4:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngomoya kaNkulunkulu bayabhubha, nangomoya wamakhala akhe bayaphela. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Babhubha ngokuphephetha kukaNkulunkulu; ngomoya wentukuthelo yakhe bayaphela. IsiZulu 2020 Ngokuphephetha kukaNkulunkulu bayabhubha, ngomoya wentukuthelo yakhe, bayashabalala. |
Bheka, ngiyakuthuma umoya phezu kwakhe, ezwe umbiko, abuyele ezweni lakubo; futhi ngiyomenza awe ngenkemba ezweni lakhe.
Bheka, kwafika umoya omkhulu ovela ehlane, washaya amagumbi omane endlu, yawela phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.
Kayikusuka ebumnyameni; ilangabi liyomisa amagatsha akhe, futhi ngomoya womlomo wakhe uyomuka.
Kwase kubonakala imifula yamanzi, nezisekelo zomhlaba zambulwa ngokusola kwakho, Jehova, ngokufutha komoya wekhala lakho.
Waphephetha ngomoya wakho, ulwandle lwabasibekela; bacwila emanzini anamandla njengomthofu.
Ngokuphephetha kwamakhala akho amanzi abuthana ndawonye, imifula yema yaqondana njengenqwaba, notwa lwaqina enhliziyweni yolwandle.
Kodwa ngobulungisa iyokwahlulela abampofu futhi isole abathobekileyo bomhlaba ngobuqotho; futhi uyoshaya umhlaba ngentonga yomlomo wakhe, futhi ngomoya wezindebe zakhe uyobulala ababi.
Ngokuba iThofeti lamiswa kwasendulo; yebo, ilungiselelwe inkosi; wawenza wajula, waba mkhulu; inqwaba yakhe ingumlilo nezinkuni eziningi; umoya kaJehova njengomfula wesibabule uyawuthungela ngomlilo.
Utshani buyabuna, imbali iyabuna, ngokuba uMoya kaJehova uvunguza phezu kwabo; impela abantu bawutshani.
Khona kuyakwambulwa lowo omubi, iNkosi eyakumqeda ngomoya womlomo wayo, imbhubhise ngokubonakala kokufika kwayo;
Phendukani; uma kungenjalo, ngizakuza kuwe masinyane, ngilwe nabo ngenkemba yomlomo wami.