UJobe 37:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nalokhu inhliziyo yami iyathuthumela, isuka endaweni yayo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE “Yebo, ngenxa yalokho iyathuthumela inhliziyo yami, isuke endaweni yayo. IsiZulu 2020 “Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela, isuke endaweni yayo. |
UNkulunkulu uyesabeka kakhulu ebandleni labangcwele futhi uyadunyiswa yibo bonke abamzungezile.
Kwathi ngosuku lwesithathu ekuseni kwaba khona ukuduma, nemibani, nefu elinzima entabeni, nezwi lecilongo elizwakala kakhulu; bathuthumela bonke abantu ababesekamu.
Aningesabi na? usho uJehova, uthi: “Aniyikuthuthumela phambi kwami, mina engabeka isihlabathi emkhawulweni wolwandle ngomyalo waphakade ukuba lungedlule kuwo; uma zibhonga, azinakudlula na?
Lapho ngizwa lokhu, isisu sami sathuthumela; izindebe zami zathuthumela ngezwi; ukubola kwangena emathanjeni ami, ngaqhaqhazela phakathi kwami, ukuze ngiphumule ngosuku losizi;
Kwase kuba khona ukuzamazama komhlaba okukhulu, kwaze kwazanyazanyiswa izisekelo zetilongo; kwavuleka khona lapho iminyango yonke, athukululwa nezibopho zabo bonke.
Wasebiza isibane, wagijimela phakathi, weza ethuthumela, wawa phambi kukaPawuli loSila.