UJobe 32:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lwavutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarageli, umBushi, owesizwe sikaRamu; ulaka lwakhe lwamvuthela uJobe, ngokuba wayezilungisile kunoNkulunkulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Lwase luvutha ulaka luka-Elihu, indodana kaBarakeli, umBuzi womndeni kaRamu; ulaka lwakhe lwavuthela uJobe, ngokuba wazithetha yena kunoNkulunkulu. IsiZulu 2020 U-Elihu, indodana kaBharakheli, umBhuzi, womndeni kaRamu, wathukuthela uJobe ngokuba wayezithethelela yena kunoNkulunkulu. |
Kuhle yini kuwe ukuthi ucindezele, udelele umsebenzi wezandla zakho, ukhanye phezu kweseluleko sababi?
Kuphila kukaNkulunkulu osusile ukwahlulela kwami; noSomandla owakhathaza umphefumulo wami;
Makube kude nami ukuba nginenze abalungileyo; ngize ngife, angiyikuthatha ukonakala kwami kimi.
Ngiyakubamba ukulunga kwami, angikuyeke; inhliziyo yami ayiyikungithuka zonke izinsuku zami.
Intukuthelo yakhe yavuthela abangane bakhe abathathu, ngokuba bengatholanga impendulo, kepha bamlahla uJobe.
Ucabanga ukuthi kuqondile yini ukuthi: Ukulunga kwami kungaphezu kokukaNkulunkulu?
Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile; nokuhlambalaza kwabakuthukayo kwehlela phezu kwami.
Wabaqalaza ngokuthukuthela, edabukile ngobulukhuni benhliziyo yabo, wathi kumuntu: Yelula isandla sakho. Waseselula; saphiliswa isandla sakhe saba njengesinye.