Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJobe 27:19 - Contemporary Zulu Bible 2024

Isicebi sizalala phansi, kodwa kasiqoqwa; uvula amehlo akhe, abe engekho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Uyalala enothile, angakuphindi kodwa; uyavula amehlo akhe, abe engasekho.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ulala eyisigwili, kodwa ngeke esakwenza lokho, uyothi evula amehlo akhe ube ungasekho umcebo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJobe 27:19
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Intonga yobukhosi ayiyikusuka kuJuda, nomniki-mthetho phakathi kwezinyawo zakhe aze afike uShilo; futhi kuyakuba kuye ukubuthwa kwabantu.


Kodwa umuntu uyafa aduke; yebo, umuntu unikela esinyeni, kanti uphi?


Ukuthi ukunqoba kwababi kufitshane, intokozo yabazenzisi ngokomzuzwana nje?


Ukuze ababi balondolozelwe usuku lokubhujiswa? bayokhishwa kuze kufike usuku lolaka.


Baphakanyiswa okwesikhatshana, kodwa sebehambile, bathotshiswa; bayasuswa endleleni njengabo bonke abanye banqunywe njengeziqongo zemithambo.


Ngokuba ngiyazi ukuthi uyakungiyisa ekufeni nasendlini emiselwe bonke abaphilayo.


Futhi kungani ungathetheleli isiphambeko sami futhi ususe ububi bami na? ngokuba manje ngiyakulala othulini; niyongifuna ekuseni, kodwa ngibe ngingasekho.


Iso longibonileyo alisayikungibona; amehlo akho aphezu kwami, kepha angikho.


Abakuzondayo bayokwembathiswa ihlazo; futhi indawo yokuhlala yababi iyochithwa.


Izimbiza zenu zingakawezwa ameva, iyakuwasusa kungathi ngesivunguvungu, iphila nangokufutheka kwayo.


Ungasebenzeli ukuceba; yeka okwakho ukuhlakanipha.


Uyafuna ukugxilisa amehlo akho kulokho okungekho na? ngoba ingcebo yenza amaphiko; bandizela ezulwini njengokhozi.


Bayowendlala phambi kwelanga nenyanga naphambi kwebandla lonke lasezulwini ababelithanda nababelikhonza, ababelilandela, ababelifuna, bekhuleka; abayikubuthwa, bangangcwatshwa; bazakuba semhlabeni ukuze babe ngumquba.


Jerusalema, Jerusalema, wena obulala abaprofethi, okhanda ngamatshe abathunywe kuwe, kukangaki ngithanda ukubuthela ndawonye abantwana bakho, njengesikhukhukazi sibuthela amatshwele aso ngaphansi kwamaphiko aso, kodwa anivumanga!


olwelo lwakhe lusesandleni sakhe, aze ahlanze isibuya sakhe, abuthele ukolweni wakhe enqolobaneni; kepha amakhoba uyakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.