Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.
UJobe 14:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Uphuma njengembali, abune; futhi ubaleka njengesithunzi futhi akahlali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uyavela njengembali, abune; ubaleka njengethunzi, angemi. IsiZulu 2020 Uyaqhakaza njengembali, abuye abune, ubalekisa okwethunzi, akami ndawonye. |
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.
Uyakuvuthulula izithelo zakhe zomvini ezingavuthwanga njengomvini, avuthulule imbali yakhe njengomnqumo.
(Ngokuba singabayizolo, asazi lutho, ngokuba izinsuku zethu emhlabeni ziyisithunzi;)
Kepha wena Jehova uyakuba khona kuze kube phakade; nesikhumbuzo sakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.
Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.
Lapho ababi behluma njengotshani, nalapho bonke abenzi bobubi behluma; kungukuthi bayobhujiswa phakade.
Kodwa kwababi akuyikuhamba kahle, futhi akayikwandisa izinsuku zakhe njengethunzi; ngoba akamesabi uNkulunkulu.
Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka;