Amanga akho kufanele athulise abantu na? uma uklolodela, akakho oyakuhlazisa na?
UJobe 12:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Nginjengomuntu oyinhlekisa kumakhelwane wakhe, obiza uNkulunkulu, amphendule; olungileyo oqotho uyahlekwa. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngiyisigcono somngane wami, ngowambiza uNkulunkulu, waphendula; olungileyo nongenasici uyisigcono. IsiZulu 2020 Sengiyinhlekisa kumngani wami, mina ebengikhala kuNkulunkulu angiphendule; umuntu olungileyo nongenasici, useyisigcono. |
Amanga akho kufanele athulise abantu na? uma uklolodela, akakho oyakuhlazisa na?
Olungele ukushelela ngezinyawo unjengesibani esidelelekile engqondweni yabanokuthula.
Kepha manje, abancane kunami bayangiklolodela, oyise babo engangibadelela ukuhlala nezinja zomhlambi wami.
Noma bengiphelele, bengingeke ngiwazi umphefumulo wami; Ngingayidelela impilo yami.
Uyakungibiza, ngimphendule; ngiyakuba naye osizini; ngiyakumkhulula, ngimdumise;
Jehova, ungikhohlisile, ngavuma ukudukiswa; Unamandla kunami, unqobile; Ngihlekisa nsuku zonke, wonke umuntu uyangihlekisa.
Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikubonise izinto ezinkulu nezinamandla ongazaziyo.
Ngakho ngiyakumbheka uJehova; ngiyakulindela uNkulunkulu wokusindiswa kwami; uNkulunkulu wami uyakungizwa.
Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda!
Basebemhleka usulu. Kepha esebakhiphe bonke, wathatha uyise womntwana nonina nababe naye, wangena lapho bekulele khona intombazana.
Sebezwile ngokuvuka kwabafileyo, abanye bahleka usulu, abanye bathi: “Sizakubuye sikuzwe ngale ndaba.”
Abanye balingwa ngokuhlekwa ngonya nangokubhaxabulwa, yebo, nangezibopho nokuboshwa;