UJobe 10:14 - Contemporary Zulu Bible 2024 Lapho ngona, uyangibheka, awuyikungikhulula ebubini bami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Uma ngona, uyangiqaphela; awuyikuthethelela ukona kwami. IsiZulu 2020 uma ngona, uyangiqaphela, awuyukungithethelela isono sami. |
Ngonile; ngenzeni kuwe, mlondolozi wabantu? ungibekani ngibe yisibonakaliso kuwe, ukuze ngibe ngumthwalo kimi na?
Futhi kungani ungathetheleli isiphambeko sami futhi ususe ububi bami na? ngokuba manje ngiyakulala othulini; niyongifuna ekuseni, kodwa ngibe ngingasekho.
Uzibekile iziphambeko zethu phambi kwakho, nezono zethu ezifihliweyo ekukhanyeni kobuso bakho.
Gcina umusa kwabayizinkulungwane, uthethelele ububi neziphambeko nezono, futhi awusoze wakhulula onecala; ohambela ububi bawoyise kubantwana nakubantwana babantwana kwesesithathu nesesine isizukulwane.
Ngokuba amehlo ami akuzo zonke izindlela zabo; azifihlekile ebusweni bami, nobubi bazo abufihlekile emehlweni ami.
UJehova uyabekezela, unomusa omkhulu, othethelela ububi neziphambeko, angahlambululi onecala nangayiphi indlela, ahambele ububi bawoyise kubantwana kuze kube isizukulwane sesithathu nesesine.