UJobe 1:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 AmaSabeya azihlasela, azithatha; yebo, bazibulala izinceku ngosiko lwenkemba; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele. IBHAYIBHELI ELINGCWELE lapho amaSheba etheleka, azithatha; izinceku azibulele ngosiko lwenkemba; mina ngedwa kuphela ngisindile, ukuze ngikubikele.” IsiZulu 2020 ngesikhathi kufika amaShebha akuthumba, abulala izinceku ngenkemba; yimina nje ngedwa engiphunyulile, ukuze ngizokubikela.” |
Amadodana kaKushe: noSeba, noHavila, noSabta, noRaama, noSabtega; namadodana kaRama; uSheba noDedani.
UJokishani wazala uSheba noDedani; Amadodana kaDedani ayengama-Asiriya, amaLetusi, namaLewumi.
Kwase kufika isithunywa kuJobe, sathi: “Izinkomo zazilima, nezimbongolo zaziklabile eceleni kwazo.”
Bheka, kwafika umoya omkhulu ovela ehlane, washaya amagumbi omane endlu, yawela phezu kwezinsizwa, zafa; mina ngedwa ngisindile, ukuze ngikubikele.
Amakhosi aseTharishishi naweziqhingi kumelwe alethe izipho; amakhosi aseSheba naseSeba ayonikela ngezipho.
Usho kanje uJehova, uthi: “Umsebenzi waseGibithe nempahla ethengiswayo yaseKushe neyamaSheba, abantu abade, kuyakufika kuwe, kube okwakho; bayakuza emva kwakho; bayakuza kuwe beboshwe ngamaketanga; bayokuncenga bathi: Ngempela, uNkulunkulu ukuwe; futhi akakho omunye, akakho uNkulunkulu.
Ilizwi lexuku elaliduduzwa lalikanye laye, kanye lamadoda avamileyo balethwa amaSabeya avela enkangala, ethwele amasongo ezandleni lemiqhele emihle emakhanda awo.
Ngiyakuthengisa ngamadodana enu namadodakazi enu esandleni sabantwana bakwaJuda, bona bathengise ngabo kumaSheba, isizwe esikude, ngokuba uJehova ukukhulumile.