Angisayikulususa unyawo luka-Israyeli ezweni engalimisela oyihlo; ukuze baqaphele ukwenza konke engabayala ngakho ngokomthetho wonke, nezimiso, nezahlulelo ngesandla sikaMose.
UJeremiya 7:7 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngiyakunihlalisa kule ndawo, ezweni engalinika oyihlo, kuze kube phakade naphakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade. IsiZulu 2020 ngiyakunenza nina nakhe kule ndawo, ezweni engalinika okhokho benu, kusukela emandulo kuze kube phakade. |
Angisayikulususa unyawo luka-Israyeli ezweni engalimisela oyihlo; ukuze baqaphele ukwenza konke engabayala ngakho ngokomthetho wonke, nezimiso, nezahlulelo ngesandla sikaMose.
Bathi: “Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yenu embi nasebubini bezenzo zenu, nihlale ezweni uJehova aninike lona nawoyihlo kuze kube phakade naphakade.”
Ngakho-ke lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu; uJehova uzozisola ngobubi akukhulume ngani.
Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyohamba nendlu ka-Israyeli, futhi bayohlangana ndawonye besuka ezweni lasenyakatho baye ezweni engalinika okhokho benu njengefa.
Futhi ngithumile kini zonke izinceku zami, abaprofethi, abavuka ekuseni kakhulu, babathume, bathi: Phendukani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nilungise izenzo zenu, ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba ningakwenzi. Khonzani, nihlale ezweni engalinika nina nawoyihlo, kepha anibekanga indlebe yenu, aningilalelanga.
Ngathi: Ngiqinisile, lizangesaba, lizakwamukela ukulaywa; ukuze indawo yabo yokuhlala ingaqedwa, nokho ngibajezisile; kepha bavuka ekuseni, baziphanga zonke izenzo zabo.
Ugcine izimiso zakhe nemiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla ukuba kukuhambele kahle wena nabantwana bakho emva kwakho, zande izinsuku zakho emhlabeni uJehova uNkulunkulu wakho akunika wona kuze kube phakade.