UJeremiya 4:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda naseJerusalema, uthi: “Zilibeleni insimu yenu, ningahlwanyeli emeveni. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba usho kanje uJehova kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva. IsiZulu 2020 Usho kanje uSimakade kubantu bakwaJuda nabaseJerusalema, uthi: “Qathani umqatho wenu, ningatshali phakathi kwameva. |
Kodwa ngonyaka wesikhombisa kumelwe uwuyeke uphumule futhi uthule; ukuze abampofu babantu bakho badle; futhi ezikushiyayo, kumelwe kudliwe yizilwane zasendle. Kumelwe wenze ngendlela efanayo ngesivini sakho nangeminqumo yakho.
Zihlwanyeleleni ekulungeni, nivune ngomusa; qedani amadlelo enu, ngokuba sekuyisikhathi sokumfuna uJehova, aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.
Ohlanyelwe emeveni nguye olizwayo izwi; futhi ukukhathazeka kwalesi simiso sezinto, nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, libe ngongatheli.
Enye yawela phakathi kwameva, ameva akhula ayiminyanisa, kodwa ayizange ithele.
Leyo eyawela emeveni yilabo abathi sebezwile, bahambe baminyaniswe yizinkathazo nengcebo nezinjabulo zalokhukuphila, bangathelisithelo.