Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UJeremiya 24:2 - Contemporary Zulu Bible 2024

Esinye isitsha sasinamakhiwane amahle kakhulu, njengamakhiwane avuthwa kuqala; esinye isitsha sasinamakhiwane amaningi amabi, ayengenakudliwa ngokuba mabi kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo.

Uka jalj uñjjattʼäta



UJeremiya 24:2
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yini enye engenziwa esivini sami engingayenzanga kuso na? ngani, lapho ngibona ukuthi iyakuthela izithelo zomvini, yathela izithelo zasendle, na?


Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda yisithombo sakhe esimnandi; funa ubulungisa, kepha bheka, ukukhala.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakuthuma phezu kwabo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi, angenakudliwa, mabi kakhulu.


Ngafumana u-Israyeli enjengezithelo zomvini ehlane; Ngabona oyihlo njengezithwathwa zokuqala emkhiwaneni ekuqaleni kwawo; kepha baya eBali Peyori, bazihlukanisela ihlazo; nezinengiso zabo zazinjengokuthanda kwabo.


Maye kimi! ngokuba nginjengalapho kuvuthwa izithelo zasehlobo nanjengezithelo zomvini zokuvuna; akukho hlukuzo lokudla; umphefumulo wami wafisa isithelo sokuqala.


Zonke izinqaba zakho ziyakuba njengemikhiwane enamakhiwane avuthwayo; uma zinyakaziswa, ziwela ngisho emlonyeni wodlayo.


Konke okuvuthwa kuqala ezweni abayakukuletha kuJehova kuyakuba ngokwakho; wonke ohlambulukileyo endlini yakho uyakudla kuwo.


Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.