Yini enye engenziwa esivini sami engingayenzanga kuso na? ngani, lapho ngibona ukuthi iyakuthela izithelo zomvini, yathela izithelo zasendle, na?
UJeremiya 24:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Esinye isitsha sasinamakhiwane amahle kakhulu, njengamakhiwane avuthwa kuqala; esinye isitsha sasinamakhiwane amaningi amabi, ayengenakudliwa ngokuba mabi kakhulu. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, enjengamakhiwane ayingqalabutho; elinye iqoma lalinamakhiwane amabi kakhulu, engenakudliwa ngobubi bawo. IsiZulu 2020 Elinye iqoma lalinamakhiwane amahle kakhulu, kungathi ayizithelo zokuqala. Elinye iqoma linamakhiwane amabi kakhulu, ayengenakudliwa ngenxa yobubi bawo. |
Yini enye engenziwa esivini sami engingayenzanga kuso na? ngani, lapho ngibona ukuthi iyakuthela izithelo zomvini, yathela izithelo zasendle, na?
Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli, nabantu bakwaJuda yisithombo sakhe esimnandi; funa ubulungisa, kepha bheka, ukukhala.
Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bheka, ngiyakuthuma phezu kwabo inkemba, nendlala, nesifo, ngibenze babe njengamakhiwane amabi, angenakudliwa, mabi kakhulu.
Ngafumana u-Israyeli enjengezithelo zomvini ehlane; Ngabona oyihlo njengezithwathwa zokuqala emkhiwaneni ekuqaleni kwawo; kepha baya eBali Peyori, bazihlukanisela ihlazo; nezinengiso zabo zazinjengokuthanda kwabo.
Maye kimi! ngokuba nginjengalapho kuvuthwa izithelo zasehlobo nanjengezithelo zomvini zokuvuna; akukho hlukuzo lokudla; umphefumulo wami wafisa isithelo sokuqala.
Zonke izinqaba zakho ziyakuba njengemikhiwane enamakhiwane avuthwayo; uma zinyakaziswa, ziwela ngisho emlonyeni wodlayo.
Konke okuvuthwa kuqala ezweni abayakukuletha kuJehova kuyakuba ngokwakho; wonke ohlambulukileyo endlini yakho uyakudla kuwo.
Nina ningusawoti womhlaba, kepha uma usawoti edumele, ubusawoti bovuswa ngani na? kusukela ngaleso sikhathi awusasizi lutho, kuphela ukulahlwa ngaphandle, nokunyathelwa ngabantu.