UJeremiya 10:3 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba imikhuba yabantu iyize, ngokuba umuntu ugawula umuthi ehlathini, umsebenzi wezandla zesisebenzi ngembazo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ngokuba imikhuba yabantu iyize, lokhu kugawulwa umuthi ehlathini; ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo. IsiZulu 2020 Imikhuba yabantu iyize; ngokuba umuntu ugawula isihlahla ehlathini, asixhoze ngembazo; umsebenzi wombazi, osibaza ngembazo. |
Ngiyakumemezela izahlulelo zami kubo ngokuphathelene nabo bonke ububi babo, abangidelile, bashisela abanye onkulunkulu umusi, bakhuleka emisebenzini yezandla zabo.
Ukhona yini phakathi kwezithixo eziyize zabezizwe onganisa imvula na? noma izulu linganisa imvula na? Akuwena, Jehova Nkulunkulu wethu? ngalokho siyakulindela wena, ngokuba nguwena owenza zonke lezi zinto.
Jehova, mandla ami, nenqaba yami, nesiphephelo sami ngosuku lwenhlupheko, abezizwe bayakuza kuwe bevela emikhawulweni yomhlaba, bathi: Obaba badla ifa lamanga, okuyize, nezinto ezingenakusiza.
Usho kanje uJehova, uthi: “Buni ububi oyihlo ababufumana kimi, baze basuka kude nami, balandela okuyize, baba yize, na?
Ngakho anogcina isiyalezo sami, ukuze ningenzi nayiyodwa yalezi zenzo ezinengekayo ezenziwa ngaphambi kwenu, ningangcolisi ngazo; nginguJehova uNkulunkulu wenu.
Kepha nxa nikhuleka, ningaphindaphindi njengabezizwe, ngokuba bathi bayakuzwiwa ngokukhuluma kwabo okuningi.
Futhi niyabona, niyezwa, ukuthi kungesikho e-Efesu kuphela, kodwa cishe kulo lonke elase-Asiya, uPawuli lo udukise abantu abaningi, waphambukisa, wathi abasibo onkulunkulu abenziwe ngezandla;
Ngokuba sebemazi uNkulunkulu, kabamdumisanga njengoNkulunkulu, kababonganga; kodwa baba yize emicabangweni yabo, nenhliziyo yabo ewubuwula yaba mnyama.
Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo;