Ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku yonke imithombo kazamcolo omkhulu yagqashuka, namafasitele asezulwini avuleka.
UGenesise 8:13 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye, ngenyanga yokuqala, ngolokuqala lwenyanga, amanzi ashile emhlabeni; uNowa wasusa isembozo somkhumbi, wabheka, bheka, ubuso bomhlaba bomile. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ngomnyaka wamakhulu ayisithupha nanye ngenyanga yokuqala ngolokuqala lwenyanga amanzi abeseshile emhlabeni; uNowa wasusa uphahla lomkhumbi, wabona, bheka, ubuso bomhlaba base bomile. IsiZulu 2020 Ngosuku lokuqala ngenyanga yokuqala uNowa eseqede iminyaka engama-601 ephila, wonke amanzi ayesehwamukile emhlabeni. UNowa waphakamisa uphahla lomkhumbi, wabona ukuthi sekomile phansi. |
Ngomnyaka wamakhulu ayisithupha wokuphila kukaNowa, ngenyanga yesibili, ngosuku lweshumi nesikhombisa lwenyanga, ngalona lolo suku yonke imithombo kazamcolo omkhulu yagqashuka, namafasitele asezulwini avuleka.
Ngenyanga yesibili ngosuku lwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga umhlaba woma.