UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.
UGenesise 49:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 O mphefumulo wami, ungangeni ekusithekeni kwabo; Ungahlangani nomhlangano wabo, mhlonishwa wami, ngokuba ngokuthukuthela kwabo babulele umuntu, nangokwabo badiliza ugange. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Ungangeni emkhandlwini wabo, mphefumulo wami; ungahlangani nebandla labo, nhliziyo yami, ngokuba ngolaka lwabo babulala abantu; ngobudlova babo basika izinkabi umsipha. IsiZulu 2020 Umphefumulo wami mawungangeni emkhandlwini wabo, ungazibandakanyi nomgwamanda wabo, ngoba ekuthukutheleni kwabo babulala abantu, bagenca izinkabi imisipha. |
UJakobe wayesethi kuSimeyoni noLevi: “Ningethusile, ngokungenza nginuke phakathi kwabakhileyo ezweni, phakathi kwamaKhanani namaPherizi; futhi ngimbalwa ngenani, bazongibuthanela futhi bangibulale; ngiyakuchithwa, mina nendlu yami.
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane namakhulu ayisikhombisa nabamahhashi abayizinkulungwane ezingamashumi amabili;
UDavide wamaphuca izinqola eziyinkulungwane nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisikhombisa, nemigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili;
Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi, ongemi endleleni yezoni, ongahlali esihlalweni sobukhosi sabaklolodayo.
Ihubo likaDavide. Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.
Ngakho inhliziyo yami iyajabula, nodumo lwami luyethaba; nenyama yami iyophumula ngethemba.
Ungangimukisi kanye nababi nabenza okubi, abakhuluma ukuthula kwabakhelwane babo, kepha kukhona okubi ezinhliziyweni zabo.
Udumo lwami luze luhlabelele udumo lwakho, lungathuli. O Jehova Nkulunkulu wami, ngizokudumisa kuze kube phakade.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? uthembele kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa ngosizo lobuso bakhe.
Kungani udangale, mphefumulo wami? nikhathazekeleni kimi na? thembela kuNkulunkulu, ngokuba ngisezakumdumisa oyimpiliso yobuso bami noNkulunkulu wami.
Babhubhise, Nkulunkulu; mabawe ngamacebo abo; baxoshe ngobuningi beziphambeko zabo; ngoba bakuhlubukile.
Angihlalanga emhlanganweni wabaklolodayo, futhi angizange ngijabule; ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho, ngokuba wangigcwalisa ngokufutheka.
Amathumbu ami, amathumbu ami! Ngibuhlungu enhliziyweni yami; inhliziyo yami ixokozela phakathi kwami; Angikwazi ukuthula, ngokuba uzwile, mphefumulo wami, ukukhala kwecilongo, ukukhala kwempi.
Ngizakuthi kuwo umphefumulo wami: Mphefumulo, ulempahla enengi ebekelelwe iminyaka eminengi; khululeka, udle, uphuze, ujabule.
Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na?
Uqalekisiwe oshaya umakhelwane wakhe ngasese. Futhi bonke abantu kumelwe bathi: Amen!
UJoshuwa wenza kubo, njengalokho uJehova emyalile: wagijimisa amahhashi abo, wazishisa izinqola zabo ngomlilo.
Umfula iKishoni wabakhukhula, umfula omdala, umfula iKishoni. Awu mphefumulo wami, uwanyathele amandla.