Manje amadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; njengoRubeni noSimeyoni bayakuba ngabami.
UGenesise 48:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi inzalo yakho oyoyizala ngemva kwabo iyoba ngeyakho futhi ibizwe ngegama labafowabo efeni layo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kepha inzalo yakho oyizala emva kwabo izakuba ngeyakho; iyakubizwa ngegama labafowabo efeni lalabo. IsiZulu 2020 Uma uthola amanye amadodana emva kwalawa, ayakuba ngawakho, kodwa ayakulotshwa phansi kohla lwabafowabo, ngokuba ifa lawo ayolithola kubo. |
Manje amadodana akho amabili, u-Efrayimi noManase, owazalelwa wona ezweni laseGibithe ngingakafiki kuwe eGibithe, angawami; njengoRubeni noSimeyoni bayakuba ngabami.
Mina-ke, ekuphumeni kwami ePhadani, uRaheli wafa nami ezweni laseKhanani endleleni, kusekude ukuba ngifike e-Efrati; ngammbela lapho endleleni yase-Efrati; okuyiBetlehema.
Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, uManase no-Efrayimi; ngalokho amaLevi akawanikanga isabelo ezweni, kuphela imizi yokuhlala, namadlelo ayo ezinkomo zawo, nempahla yawo.