Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.
UGenesise 48:4 - Contemporary Zulu Bible 2024 Futhi yathi kimi: Bheka, ngizokwenza uzale futhi ngikwandise, futhi ngizokwenza ube uquqaba lwezizwe; leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho emva kwakho libe yifa kuze kube phakade. IBHAYIBHELI ELINGCWELE wathi kimi: ‘Bheka, ngizakukuchumisa, ngikwandise, ngikwenze izizwe eziningi, ngiyiphe inzalo yakho leli zwe emva kwakho libe yifa elingunaphakade.’ IsiZulu 2020 wathi kimi: ‘Ngizoyandisa inzalo yakho ibe yizinkumbi, ngikwenze izizwe eziningi, leli lizwe ngizolinika izizukulwane zakho libe yifa lazo laphakade.’ |
Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu; futhi uzakuba yisibusiso.
Ozelwe endlini yakho nothengwa ngemali yakho makasokwe; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu njengesivumelwano esiphakade.
Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ogogobele kulo, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade; njalo ngizakuba nguNkulunkulu wabo.
Ngiyakukubusisa, ngandise inzalo yakho njengezinkanyezi zezulu nanjengetshebetshebe esisogwini lolwandle; nenzalo yakho iyodla ifa lesango lezitha zayo;
Ngiyakwenza inzalo yakho yande ibe ngangezinkanyezi zezulu, nginike inzalo yakho onke lawa mazwe; nangenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba;
Futhi uNkulunkulu uSomandla akubusise futhi akwenze uzale futhi akwandise, ukuze ube yisixuku sabantu;
Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe ngangesihlabathi solwandle esingenakubalwa ngenxa yobuningi.
UNkulunkulu wathi kuye: “NginguNkulunkulu, uMninimandla onke; zalani nande; isizwe nesizwe sezizwe kuyakuvela kuwe, namakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;
Wathi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe; ngoba ngizakwenza ube yisizwe esikhulu khona.
U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe, ezweni laseGosheni; babenemfuyo kulo, banda, banda kakhulu;
Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.
Ngakho babeka phezu kwabo abaphathi bezisebenzi ukuze babacindezele ngemithwalo yabo. Bamakhela imizi eyingcebo uFaro, nePitomu, neRamesesi.
Abantwana bakwa-Israyeli bazala, banda, banda, baba namandla kakhulu; izwe lagcwala bona.
Bayakuhlala ezweni engalinika inceku yami uJakobe, ababehlala kulo oyihlo; bayohlala kulo, bona nabantwana babo nabantwana babantwana babo kuze kube phakade; inceku yami uDavida izakuba ngumbusi wabo kuze kube nininini.
Ngokuba ngiyakuninaka, nginenze nithele, nandise, ngimise isivumelwano sami nani.
Lapho oPhezukonke ehlukanisela izizwe ifa labo, lapho ehlukanisa abantwana bakwa-Adamu omunye nomunye, wamisa imingcele yabantu ngokwesibalo sabantwana bakwa-Israyeli.