Emva kokuzalwa kuka-Arpakishadi uShemi wahamba iminyaka engamakhulu amahlanu, wazala amadodana namadodakazi.
UGenesise 47:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; oyise ezinsukwini zokuhambela kwabo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” IsiZulu 2020 UJakobe waphendula wathi: “Izinsuku zokugogobala kwami emhlabeni seziyiminyaka eyi-130, zimfishane, kanti bezigcwele ubunzima. Kaziqhathaniseki nokho neminyaka eyaphilwa ngokhokho bami ngesikhathi eside sokugogobala kwabo.” |
Emva kokuzalwa kuka-Arpakishadi uShemi wahamba iminyaka engamakhulu amahlanu, wazala amadodana namadodakazi.
UJakobe wahlala iminyaka eyishumi nesikhombisa ezweni laseGibithe; Iyonke iminyaka kaJakobe yaba yiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa.
Iyonke imihla kaMethusela yaba yiminyaka emakhulu asithoba, anamanci mathandathu anesithoba;
UJosefa wafa, eneminyaka eyikhulu neshumi; bamgqumisa ngemithi, wafakwa ebhokisini eGibithe.
Ngokuba singabafokazi phambi kwakho nezihambi njengabo bonke obaba; izinsuku zethu emhlabeni zinjengethunzi, akakho osalayo.
Yizwa, Jehova, umkhuleko wami, ulalele ukukhala kwami; ungathuli ngezinyembezi zami, ngokuba ngingumfokazi kuwe nomfokazi njengabo bonke obaba.
Ngiyekeleni, ukuze ngithole amandla ngaphambi kokuba ngisuke lapha, ngingabe ngisaba khona.
Bheka, wenzé izinsuku zami zaba njengobubanzi besandla; futhi iminyaka yami ayilutho phambi kwakho; impela, wonke umuntu ngokungcono kwakhe uyize. Sela.
Futhi ngamisa isivumelwano sami nabo ukubanika izwe laseKhanani, izwe lokugogobala kwabo, ababengabafokazi kulo.
UMose wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili ubudala, u-Aroni eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nantathu lapho bekhuluma kuFaro.
Ngakho sihlala sinesibindi, sazi ukuthi, nxa sisekhaya emzimbeni, sikude neNkosi;
UMose wayeneminyaka eyikhulu namashumi amabili ekufeni kwakhe; iso lakhe lalingafiphele, namandla akhe emvelo ayengakanciphi.
Kalikwazi okuzakwenzeka kusasa. Ngoba iyini impilo yakho? Kungumhwamuko obonakala isikhashana, bese unyamalala.
Ngemva kwalezi zinto uJoshuwa indodana kaNuni, inceku kaJehova, wafa eneminyaka eyikhulu neshumi.
Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo;