Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho.
UGenesise 45:9 - Contemporary Zulu Bible 2024 Khuphukani masinyane niye kubaba nithi kuye: Isho kanje indodana yakho uJosefa: UNkulunkulu ungenze umbusi phezu kwalo lonke iGibithe; yehlela kimi, ungalibali. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. IsiZulu 2020 “Ningabe nisapholisa maseko, yanini kubaba nifike nithi kuye: ‘UJosefa indodana yakho, ithi: uNkulunkulu ungibeke ngaba ngumbusi walo lonke iGibhithe, ungabe usalibala, yehla uze kimi. |
Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze kwami, wena nabantwana bakho, nabantwana babantwana bakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho.
Kumelwe nitshele ubaba ngayo yonke inkazimulo yami eGibhithe nangakho konke enikubonile; futhi kufanele nisheshe nehlise ubaba lapha.
UJosefa wayesethuma wabiza uJakobe uyise, nezihlobo zakhe zonke, abantu abangamashumi ayisikhombisa nanhlanu.