Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 45:8 - Contemporary Zulu Bible 2024

Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Ngakho-ke akunina enangithuma lapha, kodwa nguNkulunkulu ongenze uyise kaFaro, nombusi ophethe endlini yakhe, naphezu kwezwe lonke iGibhithe.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 45:8
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.


Manje ningabi lusizi, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza ukuphila.


Nganginguyise kwabampofu, futhi indaba engangingayazi ngangiyiphenya.


Ngiyomembathisa ingubo yakho, ngimqinise ngebhande lakho, nginikele umbuso wakho esandleni sakhe, abe nguyise kwabakhileyo eJerusalema nakuyo indlu yakwaJuda.


Aningikhethanga mina, kodwa mina nginikhethile, nganimisela ukuba nihambe, nithele isithelo, nesithelo senu sihlale, ukuze noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona.


UJesu waphendula wathi: “Ungeke ube namandla neze phezu kwami, uma ungawanikwanga evela phezulu;


Ngakho-ke akusikho kothandayo, noma kogijimayo, kodwa ngokukaNkulunkulu ohawukelayo.


Ngokuba mhlawumbe waphuma isikhashana, ukuze umemukele kuze kube phakade;


UMika wayesethi kuye: “Hlala nami, ube ngubaba nompristi wami, ngikunike amashekeli ayishumi esiliva ngomnyaka, nengubo nokudla kwakho. Ngakho umLevi wangena.