Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
UGenesise 42:6 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJosefa wayengumbusi wezwe, wayethengisa kubo bonke abantu bezwe; bafika abafowabo bakaJosefa bakhothama phambi kwakhe ubuso babo bubheke phansi. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi. IsiZulu 2020 UJosefa wayengumbusi ezweni, ethengisela bonke abantu bezwe, nabafowabo bafika, bamkhothamela bathi mbo ngobuso emhlabathini. |
Waphakamisa amehlo akhe, wabona, bheka, amadoda amathathu emi ngakuye; kwathi ewabona, wagijima ukuwahlangabeza esuka emnyango wetende, wakhothamela phansi.
Kwathi sekuhlwile kweza izingelosi ezimbili eSodoma; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma, uLoti ewabona, wasukuma ukuwahlangabeza; wakhothamisa ubuso bakhe emhlabathini;
Wasedlula phambi kwabo wakhothamela emhlabathini kasikhombisa waze wasondela kumfowabo.
Wamkhwelisa enqoleni yesibili ayenayo; bamemeza phambi kwakhe, bathi: Guqani, wambeka umbusi phezu kwelizwe lonke leGibhithe.
Iminyaka eyisikhombisa yendlala yayisiqala ukufika, njengokusho kukaJosefa; kepha ezweni lonke laseGibithe kwakukhona isinkwa.
Amazwe onke afika kuJosefa eGibithe ukuthenga ukolweni; ngoba indlala yayinzima emazweni wonke.
UJuda nabafowabo bangena endlini kaJosefa; ngoba wayeselapho, bawa phansi phambi kwakhe.
Wamtshela wathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi wezwe lonke laseGibithe.” Inhliziyo kaJakobe yaphela, ngokuba engabakholwanga.
Manje akunina ongithume lapha, kodwa uNkulunkulu; wangimisa ngaba nguyise kuFaro, nombusi wendlu yakhe yonke, nombusi ezweni lonke laseGibithe.
UJosefa wayesebakhiphela phakathi kwamadolo akhe, wakhothamela ubuso bakhe emhlabathini.
Ogodla ukolweni, abantu bayamqalekisa; kepha isibusiso siyakuba sekhanda lothengisayo.
Amadodana abakucindezelayo ayakuza kuwe ekukhothamela; bonke abakudelelayo bayakukhothama phambi kwamathe ezinyawo zakho; bayakukubiza ngokuthi uMuzi kaJehova, iSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.
Wamkhulula kuzo zonke izinhlupheko zakhe, wamnika umusa nokuhlakanipha phambi kukaFaro inkosi yaseGibithe; wamenza umbusi phezu kweGibithe nendlu yakhe yonke.
Bheka, ngiyakubakhipha esinagogeni likaSathane, abathi bangamaJuda, bengesiwo, kodwa beqamba amanga; bheka, ngiyakubenza ukuba beze bakhuleke phambi kwezinyawo zakho, bazi ukuthi ngikuthandile.
Kwathi umfana esehambile, uDavida wasukuma endaweni ebheke eningizimu, wawa ngobuso emhlabathini, wakhothama kathathu;