UGenesise 42:11 - Contemporary Zulu Bible 2024 Sonke singamadodana andodanye; singamadoda angempela, izinceku zakho azizona izinhloli. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.” IsiZulu 2020 Sonke singamadodana endoda eyodwa, singabantu abaqotho, asiyizo izinhloli.” |
Thumani omunye wenu ukuba amlande umfowenu, wena uyakuba etilongweni, ukuze kuvivinywe amazwi akho ukuthi kukhona yini iqiniso kuwe;
Uma ningamadoda aqotho, omunye wabafowenu makaboshwe endlini yetilongo lenu; hambani, nithwale ukolweni ngendlala yezindlu zenu.
Bathi: “Lowo muntu wasibuza kahle ngesimo sethu nangendlu yethu, wathi: “Usekhona uyihlo na?” ninomunye umfowenu, samtshela ngokwalawa mazwi, sathi: “Siyazi ngempela ukuthi uzakuthi: Mehliseni umfowenu na?
Okhuluma okwakhe uzifunela udumo lwakhe, kepha ofuna udumo lwalowo omthumileyo uqinisile, akukho ukungalungi kuye.
Kodwa kukho konke sizibonakalisa njengezikhonzi zikaNkulunkulu ngokubekezela okukhulu, ezinhluphekweni, ebunzimeni, ekucindezelweni,