AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
UGenesise 41:12 - Contemporary Zulu Bible 2024 Kwakukhona kanye lathi ijaha elingumHebheru, inceku yenduna yemilindankosi; samtshela lokho, wasichazela amaphupho ethu; wachaza kwaba yilowo nalowo njengephupho lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwakukhona nathi lapho insizwa, umHeberu, inceku yenduna yemilindankosi; sayilandisa yona, yasichazela amaphupho ethu, yachazela, kwaba yilowo nalowo ngokwephupho lakhe. IsiZulu 2020 Kwakukhona lapho kanye nathi ibhungu lomHebheru, isigqila senduna yabalindi benkosi. Salilandisa ngamaphupho ethu, lawachaza, yilelo ngokwencazelo yalo, |
AbakwaMidiyani bamthengisa eGibithe kuPotifari, isikhulu sikaFaro, induna yabalindi.
UJosefa wehliselwa eGibithe; uPotifari, inceku kaFaro, induna yabalindi, umGibithe, wamthenga esandleni sabakwa-Ishmayeli ababemehlisele khona.
Inkosi kaJosefa yamthatha yamfaka etilongweni, indawo lapho iziboshwa zenkosi zaziboshwe khona; wayelapho etilongweni.
Kepha laba bantwana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda kuyo yonke imfundo nokuhlakanipha; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.