Emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nombhaki bakhubekisa inkosi yabo, inkosi yaseGibithe.
UGenesise 40:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe ezimbili, induna yabaphathizitsha nenduna yababhaki. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UFaro wazithukuthelela lezo zinceku zakhe zombili, induna yabaphathizitsha nenduna yabaphekizinkwa. IsiZulu 2020 UFaro wazithukuthelela zombili lezi zikhulu, induna yabaphathindebe nenduna yababhakizinkwa. |
Emva kwalezo zinto umphathizitsha wenkosi yaseGibithe nombhaki bakhubekisa inkosi yabo, inkosi yaseGibithe.
Wayibuyisela induna yabaphathizitsha esikhundleni sayo; wayinikela indebe esandleni sikaFaro.
UFaro wazithukuthelela izinceku zakhe, wangifaka esitokisini endlini yenduna yemilindankosi, mina nenduna yababhaki.
Owayephethe izivini kwakunguSimeyi waseRama; phezu kokukhula kwemivini ezindaweni zokugcina iwayini kwakunguSabdi umSifi.
Ulaka lwenkosi lunjengezithunywa zokufa, kodwa umuntu ohlakaniphileyo uyaluthulisa.
Intukuthelo yenkosi injengokubhonga kwengonyama; kepha ukuthokoza kwakhe kunjengamazolo otshanini.
Umuntu onolaka olukhulu uyojeziswa, ngoba uma umkhulula, kufanele ukwenze futhi.
Ukuthukuthela kuyisihluku, nolaka lulunya; kodwa ngubani ongema phambi komhawu?
Kepha uHerode wayebathukuthelele abaseTire nabaseSidoni; ngoba ilizwe labo londliwa yilizwe lenkosi.