Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
UGenesise 4:1 - Contemporary Zulu Bible 2024 U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini, wathi: “Ngifumene indoda evela kuJehova.” IBHAYIBHELI ELINGCWELE U-Adamu wamazi umkakhe u-Eva; wakhulelwa, wazala uKayini;* wathi: “Ngitholile indoda kuJehova.” IsiZulu 2020 U-Adamu walala nomkakhe u-Eva, wayesekhulelwa, wazala uKhayini, wathi: “Ngifumene insizwa kuSimakade.” |
Ngiyakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe; yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.
Waseyixotsha indoda; wabeka amakherubi ngasempumalanga kwensimu yase-Edene, nenkemba yelangabi ephenduka inhlangothi zonke ukuba ilinde indlela yomuthi wokuphila.
Waphinda wazala umfowabo u-Abela. U-Abela wayengumalusi wezinkomo, kepha uKayini wayengumlimi.
U-Adamu wabuye wamazi umkakhe; wazala indodana, wayiqamba igama lokuthi uSeti. Ngokuba uNkulunkulu, wathi, ungimisele enye inzalo esikhundleni sika-Abela owabulala uKhayini.
Futhi wambiza ngokuthi uNowa futhi wathi: Uyosiduduza ngenxa yomsebenzi wethu kanye nokukhandleka kwezandla zethu ngenxa yomhlabathi uJehova awuqalekisileyo.
Bheka, abantwana bayifa likaJehova, nesithelo sesisu sikanina singumvuzo wakhe.
Manje bulalani bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale wonke owesifazane owazi indoda ngokulala nayo.
Kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile.