Ngizakufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu, loNkulunkulu womhlaba, ukuthi kawuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlala phakathi kwawo.
UGenesise 38:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wamthatha, wangena kuye. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJuda wabona lapho indodakazi yomuntu waseKhanani ogama lakhe linguShuwa; wayithatha, wangena kuyo. IsiZulu 2020 UJuda wabona indodakazi yendoda yaseKhanani egama layo linguShuwa. Wayithatha, yamgana, walala nayo. |
Ngizakufungisa uJehova, uNkulunkulu wezulu, loNkulunkulu womhlaba, ukuthi kawuyikuthathela indodana yami umfazi emadodakazini amaKhanani engihlala phakathi kwawo.
U-Isaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: “Ungamthathi umfazi emadodakazini aseKhanani.”
Owesifazane ebona ukuthi umuthi wawulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nomuthi onxanelekayo ukuhlakaniphisa, wathatha isithelo sawo, wadla, wanika indoda yakhe; wadla.
UShekemi indodana kaHamori umHivi, umbusi wezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wangcolisa.
Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela, noPerezi, noSeraki; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi: ngoHezironi noHamuli.
Amadodana kaNkulunkulu abona amadodakazi abantu ukuthi mahle; bazithathela abafazi kubo bonke ababakhethayo.
Kwakukhona iziqhwaga emhlabeni ngalezo zinsuku; nangemva kwalokho, lapho amadodana kaNkulunkulu engena kuwo amadodakazi abantu, awazalela abantwana, aba ngamaqhawe asendulo, amadoda anegama.
Kwathi sekuhlwile, uDavide wavuka embhedeni wakhe, wahamba phezu kophahla lwendlu yenkosi; ephezu kophahla wabona owesifazane emgeza; owesifazane wayemuhle kakhulu ebukeka.
Amadodana kaJuda; u-Eri, no-Onani, noShela; abathathu wazalelwa endodakazini kaShuwa umKhanani. U-Eri izibulo likaJuda wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala.
Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo; ngokuba kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunakuhlanganyela kuni ukukhanya nobumnyama na?
Wakhuphuka wabatshela uyise nonina, wathi: “Ngabona owesifazane eThimna emadodakazini amaFilisti; bese umthatha manje abe ngumkami.