Internet tuqin Biblia

Anuncios ukanaka


Taqi biblia Nayra Testamento Machaq Testamento




UGenesise 34:7 - Contemporary Zulu Bible 2024

Amadodana kaJakobe afika evela endle ekuzwa lokho, amadoda adabuka, athukuthela kakhulu, ngokuba wenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe; okuyinto okungafanele yenziwe.

Uka jalj uñjjattʼäta

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta

IsiZulu 2020

Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.

Uka jalj uñjjattʼäta



UGenesise 34:7
27 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? futhi ngone ngani ukuba ulethe isono esikhulu phezu kwami naphezu kombuso wami na? Ungenzele izinto okungafanele zenziwe.


UHamori uyise kaShekemi waphuma waya kuJakobe ukuyokhuluma naye.


UHamori wakhuluma kubo, wathi: “Umphefumulo wendodana yami uShekemi ulangazelela indodakazi yenu;


Amadodana akhe namadodana amadodana akhe kanye naye, amadodakazi akhe namadodakazi amadodana akhe nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibhithe.


Kodwa inkosi uDavide isizwile ngazo zonke lezi zinto yathukuthela kakhulu.


Ubufakazi bakho buqinile kakhulu; ubungcwele buyindlu yakho, Jehova, kuze kube phakade.


Bheka, phakathi kwabangenalwazi ngabona phakathi kwabasha insizwa engenangqondo.


Ngokuba benze ububi kwa-Israyeli, baphinga nabafazi babakhelwane babo, bakhuluma amazwi amanga egameni lami engingabayalanga ngawo; nami ngiyakwazi, ngingufakazi,” usho uJehova.


Uma inhlangano yonke yakwa-Israyeli yona ngokungazi, le ndaba isithekile emehlweni enhlangano, benze utho okuphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, benecala;


Tshono ebantwaneni bakoIsrayeli uthi: Uba umuntu wona ngokungazi emithetho ye Nkosi engayikwenziwa, enze komunye wayo,


Uma omunye wabantu bezizwe ona ngokungazi, enze utho oluphambene nanoma yimuphi wemiyalo kaJehova okungafanele kwenziwe, abe necala;


Futhi masingaphingi, njengabanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye izinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu.


Balekelani ubufebe. Zonke izono azenzayo umuntu zingaphandle komzimba; kodwa owenza ubufebe wona owakhe umzimba.


Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nakanye phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele;


Kodwa uma le nto iyiqiniso futhi izimpawu zobuntombi zingatholakali entombazaneni:


Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho.


Makungabikho sifebe phakathi kwamadodakazi akwa-Israyeli, futhi makungabikho sifebe phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.


Ngakho bulalani amalungu enu asemhlabeni; ubufebe, ukungcola, inkanuko, inkanuko embi, lokuhaha, okuyikukhonza izithombe;


Futhi phezu kwalokho bafunda ukuvilapha, bezulazula izindlu ngezindlu; futhi kabayivilaphi kuphela, kodwa futhi izihlebi, nabangena shi, bekhuluma okungafanele.


Ukuganana makuhlonishwe yibo bonke, nombhede ungabi nasisihla, kepha izifebe neziphingi uNkulunkulu uyakuzahlulela.


Emlonyeni munye kuphuma isibusiso lesiqalekiso. Akufanele lokho, bazalwane bami, ukuba kube njalo.


Othathwe nempango uyakushiswa ngomlilo, yena nakho konke anakho, ngokuba wephule isivumelwano sikaJehova nangenxa yokuthi wenze ubuwula kwa-Israyeli.


Kepha nina niluhlanga olukhethiweyo, ubupristi obobukhosi, isizwe esingcwele, abantu abazuziweyo; ukuze nishumayele ubukhosi balowo owanibiza niphume ebumnyameni, ningene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo;


Ngasithatha isancinza sami, ngisihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babenzile ihlazo nobuwula kwa-Israyeli.