UGenesise 30:10 - Contemporary Zulu Bible 2024 UZilipa incekukazi kaLeya wazalela uJakobe indodana. IBHAYIBHELI ELINGCWELE UZilipa incekukazi kaLeya wamzalela uJakobe indodana. IsiZulu 2020 UZilipha isisebenzi sikaLeya samzalela indodana uJakobe. |
ULeya esebonile ukuthi usebelethile, wathatha uZilipa incekukazi yakhe, wamnika uJakobe abe ngumkakhe.
Amadodana kaZilipa, incekukazi kaLeya; ngoGadi no-Asheri; yilawo angamadodana kaJakobe azalelwa wona ePhadani Aramu.
Ngasemkhawulweni wakwaZebuloni, kusukela ohlangothini lwasempumalanga kuze kube sohlangothini lwasentshonalanga uGadi, libe linye.
Kubantwana bakwaGadi ngemindeni yabo ngezizukulwane zabo nangezindlu zawoyise ngokwenani lamagama, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, bonke abangaphuma;
Abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi babenezinkomo eziningi kakhulu; lapho bebona izwe laseJazeri nezwe lakwaGileyadi, indawo leyo yayiyindawo yezinkomo;