Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.
UGenesise 29:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 Wabheka, kwakukhona umthombo endle, bheka, nanso imihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo; ngoba kulowo mthombo baphuzisa umhlambi, futhi kwakukhona itshe elikhulu emlonyeni womthombo. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Wabheka, nanko umthombo endle, nemihlambi emithathu yezimvu ilele ngakuwo, ngokuba kulowo mthombo babephuzisa imihlambi; itshe elalisemlonyeni womthombo lalilikhulu kakhulu. IsiZulu 2020 Esabheka, wabona umthombo endle nemihlambi emithathu yezimvu ilele eduze kwawo, ngokuba yayiphuziswa kulowo mthombo. Itshe elalisemlonyeni wawo lalilikhulu kakhulu. |
Inceku yathatha amakamela ayishumi emakameleni enkosi yayo yahamba; ngoba yonke impahla yenkosi yakhe yayisesandleni sakhe; wasuka, waya eMesopotamiya, emzini kaNahori.
Waguqisa amakamela akhe ngaphandle komuzi ngasemthonjeni kusihlwa, isikhathi abaphuma ngaso abesifazane ukuyokha amanzi.
Kwabuthana khona yonke imihlambi, bagingqe itshe lisuke emlonyeni womthombo, baphuzise izimvu, balibuyisele itshe emlonyeni womthombo endaweni yalo.
Abayikulamba, noma bome; futhi ukushisa nelanga ngeke kubashaye; ngokuba lowo onomusa kubo uyakubahola, abahole ngasemithonjeni yamanzi.
Kepha lowo ophuza amanzi engiyakumnika wona kasayikoma naphakade; kodwa amanzi engizamnika wona azakuba kuye umthombo wamanzi aphuphumayo empilweni elaphakade.
Kwakukhona umthombo kaJakobe. Ngakho uJesu ekhathele ukuhamba wahlala kanjalo ngasemthonjeni. Kwakungaba yihora lesithupha.
Ngokuba iWundlu eliphakathi kwesihlalo sobukhosi liyakubalusa, libaholele emithonjeni yamanzi okuphila;
Labo abakhululwa emsindweni wabacibishelayo ezindaweni zemithombo yamanzi, lapho bayakuzwa izenzo zokulunga zikaJehova, izenzo ezilungileyo kwabakhileyo emadolobheni akhe kwa-Israyeli; khona-ke abantu bakaJehova bayakwehla baye emasangweni.