U-Abrama wayesesuka, njengalokho uJehova eshilo kuye; uLoti wahamba naye, u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu ekuphumeni kwakhe eHarana.
UGenesise 26:5 - Contemporary Zulu Bible 2024 Ngokuba u-Abrahama walilalela izwi lami, wagcina umyalo wami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami. IBHAYIBHELI ELINGCWELE ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.” IsiZulu 2020 ngoba u-Abhrahama walilalela izwi lami, wagcina imiyalo yami, imithetho, izimiso, neziyalo zami.” |
U-Abrama wayesesuka, njengalokho uJehova eshilo kuye; uLoti wahamba naye, u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu ekuphumeni kwakhe eHarana.
U-Abrahama wathatha indodana yakhe u-Ishmayeli nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke abathengwa ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama; basoka inyama yejwabu ngalolo suku, njengalokho uNkulunkulu emyalile.
Ngokuba ngiyamazi, ukuze ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe, bagcine indlela yeNkosi, benze ukulunga nokulunga; ukuze uJehova amehlisele u-Abrahama lokho ekushilo ngaye.
Wathi: “Ngizifungile mina, usho uJehova, ngokuba wenze lokho, ungagodlanga nendodana yakho eyodwa yakho;
Ngakho oweqa owodwa kule miyalo emincinyane, afundise abantu kanjalo, uyakuthiwa omncinyane embusweni wezulu; kepha oyigcinayo, ayifundise, lowo uyakuthiwa mkhulu embusweni wezulu.
Ngakho yilowo nalowo owezwa lawa mazwi ami, awenze, uyakufaniswa nendoda ehlakaniphileyo eyakha indlu yayo phezu kwedwala;
Ngakho-ke, bazalwane bami abathandekayo, yibani ngabagxilile, abangaxegiyo, abavame njalo emsebenzini weNkosi, nazi ukuthi ukusebenza kwenu akusilo ize eNkosini.
Ngokuba kuKristu Jesu ukusoka nokungasoki akulutho; kodwa ukholo olusebenza ngothando.
Ngokukholwa u-Abrahama walalela ebizwa ukuba aphume, aye endaweni abezakuyamukeliswa ibe yifa; waphuma engazi lapho eya khona.
U-Abrahama ubaba akalungisiswanga yini ngemisebenzi, lapho enikela u-Isaka indodana yakhe e-altare na?