UJehova wathi ku-Abrama: “Suka ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
UGenesise 26:2 - Contemporary Zulu Bible 2024 UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizokutshela ngalo: IBHAYIBHELI ELINGCWELE UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona, IsiZulu 2020 USimakade wabonakala ku-Isaka, wathi: “Ungehleli eGibhithe. Hlala kuleli lizwe engizokukhombisa lona. |
UJehova wathi ku-Abrama: “Suka ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona.
UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho; wamakhela khona i-altare uJehova owabonakala kuye.
U-Abrama eseneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami futhi uphelele.
UNkulunkulu wathi: Impela umkakho uSara uzakukuzalela indodana; uyakuqamba igama layo ngokuthi u-Isaka, ngimise isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe.
INkosi yabonakala kuye emathafeni aseMamre, yahlala ngasemnyango wetende ekushiseni kwemini;
UJehova wabonakala kuye ngalobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe, ngikubusise, ngandise inzalo yakho ngenxa ka-Abrahama inceku yami.
UNkulunkulu wezwa ukububula kwabo, uNkulunkulu wakhumbula isivumelwano sakhe no-Abrahama, no-Isaka, noJakobe.
Ngiyakukhumbula isivumelwano sami noJakobe, nesivumelwano sami no-Isaka, nesivumelwano sami no-Abrahama; futhi ngizocabanga ngezwe.