Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
UGenesise 24:15 - Contemporary Zulu Bible 2024 Engakaqedi ukukhuluma, kwaphuma uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka umkaNahori umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe lakhe. IBHAYIBHELI ELINGCWELE Kwathi ingakaqedi ukukhuluma, bheka, kweza uRebeka owazalelwa uBetuweli indodana kaMilka, umkaNahori, umfowabo ka-Abrahama, enembiza yakhe ehlombe. IsiZulu 2020 Ithe ingakaqedi ukuthandaza, kwafika uRibheka etshethe imbiza, wayezalwa nguBhethuweli indodana kaMilkha, umkaNahori, umfowabo ka-Abhrahama. |
Lezi ziyizizukulwane zikaTera: uTera wazala u-Abrama, noNahori, noHarana; uHarana wazala uLoti.
O-Abrama noNahori bazithathela abafazi; igama lomka-Abrama lalinguSarayi; igama lomkaNahori lalinguMilka, indodakazi kaHarana, uyise kaMilka, noyise kaIska.
U-Abrahama wavuka ekuseni kakhulu, wathatha isinkwa nojeke wamanzi, wakunika uHagari, wakubeka ehlombe lakhe nomntwana omncane, wammukisa; wahamba, wazulazula ehlane. eBherisheba.
Intombazana engizakuthi kuyo: Kakubekwe phansi imbiza yakho ukuze nginathe; athi: Phuza, ngizaphuzisa namakamela akho. Kube nguye ommisele inceku yakho u-Isaka; ngalokho ngiyakwazi ukuthi wenze umusa enkosini yami.
Yathi kuye: “Ngiyindodakazi kaBetuweli indodana kaMilka amzalela yona uNahori.”
Ngingakaqedi ukukhuluma enhliziyweni yami, kwaphuma uRebeka enembiza yakhe ehlombe; wehlela emthonjeni wakha amanzi; ngathi kuye: Ake ngiphuze.
U-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.
Amehlo kaJehova aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo.
Umpristi wakwaMidiyani wayenamadodakazi ayisikhombisa; afika akha amanzi, agcwalisa izitsha zokuphuzisa umhlambi kayise.
Khona uyakubiza, uJehova aphendule; kufanele ubize, futhi uyothi: Nangu mina! Uma nisusa phakathi kwenu ijoka, nokukhomba ngomunwe, nokukhuluma okuyize;
Wakhothoza ensimini kwaze kwahlwa, wabhula ayekukhothozile, kwaba yi-efa lebhali.
URuthe umMowabi wasesithi kuNawomi: Ake ngiye elizweni, ngikhothoze emva kwalowo engizathola umusa emehlweni akhe. Wathi kuye: “Hamba, ndodakazi yami;
Kwathi bekhuphuka intaba beya emzini, bafumana amantombazane aphuma ukuyokha amanzi, athi kuwo: “Umboni ukhona na?”